Ask AI
PrEP Implementation in Sub Saharan Africa
Ukuqwashisa Nokuvusa Intshisekelo Okuholwa Umphakathi Njengomgogodla Wokusetshenziswa Kwe-PrEP emazweni ase-Afrika asezansi kwe-Sahara

Released: March 26, 2026

Activity

Key Takeaways
  • Imfundo ye-PrEP eyenziwa ozakwethu abaziqondayo izimo zendawo nababhekana nezingozi ezifanayo ngokuvamile iqondakala kakhulu kunemiyalezo yesikhungo kuphela.
  • Ukumbamba iqhaza komphakathi ekusetshenzisweni kwe-PrEP kusemqoka ukuze kufinyelelwe izindlela zokuvimbela i-HIV ngendlela esimeme nelinganayo.

Ukusetshenziswa kwe-HIV pre-exposure prophylaxis (PrEP) ekuvimbeleni i-HIV akukafinyelelwa ngokugcwele emazweni amaningi ase-Afrika asezansi kwe-Sahara. Nakuba kunobufakazi obanele bokuphumelela kwe-PrEP, umehluko ophakathi kokutholakala kwayo nokusetshenziswa kwayo ngokuphumelelayo kuqokomisa iqiniso elibalulekile: Ukusetshenziswa ngokuphumelelayo kwe-PrEP akuxhomekile nje ekuhlinzekeni ngemithi kodwa kudinga nokuqwashisa nokuvusa intshisekelo okwenziwa emiphakathini ethintwa kakhulu yi-HIV.

Ubufakazi obuvela ezingcwaningweni zakamuva zokusebenzisa bubonisa ukuthi izindlela eziholwa umphakathi zokujwayeza ukusetshenziswa kwe-PrEP nokunciphisa ukucwaswa, ziyizinto ezibalulekile ezinquma ukuphumelela kohlelo.

Ukusebenzisa Imizila Ethenjwayo Ukuze Kuqwashiswe Futhi Kuvuswe Intshisekelo
Amasu okuqwashisa nokuvusa intshisekelo asebenzisa imizila yomphakathi ekhona kakade kanye namalungu omphakathi athenjwayo, esikhundleni sokuncika ngokuphelele ezindleleni zomtholampilo zokufinyelela umphakathi. Emphakathini wabadobi wase-Uganda onabantu abaningi abane-HIV, ukwelulekwa kwezisebenzi zezempilo emphakathini kanye nezingxoxo ezihloselwe ukukhuthaza zithuthukise ukusetshenziswa kwamanje kwe-PrEP ngo-86%.

Lapho imiyalezo yokuvimbela ithunyelwa ozakwethu abaziqondayo izimo zendawo nababhekana nezingozi ezifanayo, iqondakala kakhulu kunemiyalezo yesikhungo kuphela. ESifundeni saseMazowe eZimbabwe, ukuqeqesha abesifazane abasebasha njengozakwethu be-PrEP kwaholela ekwandeni ngo-59% kokusetshenziswa kwe-PrEP ezinyangeni eziyi-7 emantombazaneni evile eminyakeni eyishumi nakubesifazane abasebasha.

Izinkundla zokuxoxisana zomphakathi, njengamaqembu okweluleka kanye nezenzakalo zomphakathi, kusebenza njengezindawo eziphumelelayo zokuxoxisana ukuze kulungiswe izinto ezingamanga emnyombweni wazo. E-Uganda, imihlangano yomphakathi yokufundisana eyenzelwe ukuchitha izinganekwane, ehambisana nabasekeli bokusebenzisa abakhethwe kubantu abasebenzisa i-PrEP, yandise ukuphikelela kwezinyanga eziyi-6 kusuka ku-6.7% kwaya ku-47.9%.

Le datha ibonisa indlela izinhlaka zokusekela eziholwa umphakathi ezingaguqula ngayo ngokuphumelelayo ukuqwashisa nge-PrEP kube ukuzibandakanya okuqhubekayo ekuvimbeleni i-HIV.

Ukujwayeza Ukusebenzisa I-PrEP Ukuze Kuncishiswe Ukucwaswa
Ukucwaswa okuphikelelayo emazingeni ahlukahlukene kuyisithiyo esikhulu ekusetshenzisweni kwe-PrEP kuzo zonke izindawo zase-Afrika. Abantu abangase bazuze ku-PrEP bakhathazeka ngokubhekwa njengabane-HIV, ukwahlulelwa ngenxa yemikhuba yabo yocansi, noma ukubandlululwa ezikhungweni zezempilo, okubavimbela ekusebenziseni izinsizakalo zezempilo ezivamile.

Amasu aholwa umphakathi okujwayeza ahlose ukulungisa lezi zinselele ngokuhlela kabusha i-PrEP njengenqubo ekhuthaza ukuthatha izinqumo ezinempilo esikhundleni sezindlela zokungenelela ezicwasayo. Amaqembu okweseka ozakwethu kanye namaqembu anikeza amandla akha izindawo eziphephile ezivumela abantu ukuba baxoxe ngokukhululekile nge-PrEP, bachazelane okwenzeke kubo, futhi babhekane ndawonye nokucwaswa. Bahlomisa ababambiqhaza ngamakhono okudalula isimo sabo sempilo kanye nokubhekana nokwahlulelwa umphakathi, okuhambisana nokunamathela okuthuthukisiwe emithini.

Ukwenza izinto zijwayeleke kubandakanya ukuqonda izidingo ezihlukahlukene zamalungu omphakathi, avame ukufuna izindlela zokuletha ezicashile kanye nezinsizakalo ezihlukile ezihlonipha isidingo sawo sobumfihlo. Ukulethwa njalo kwemiyalezo emihle, egxile empilweni ngezindlela eziningi, njengezenzakalo zomphakathi, ukufinyelela abantu ngabanye, kanye nezinsizakalo ezibandakanya zonke izinto, zezocansi kanye nokuzala, kungasiza ekushintsheni izinto kusukwe ekwesabeni nasekucwaseni kuyiwe ekunikezeni amandla nasekuvimbeleni. Lapho imiphakathi iqaphela abasebenzisi be-PrEP njengabantu abakhathalela impilo, nabazinakekelayo ababeka phambili impilo yabo, ukusebenzisa nokuphikelela kwabo kuyanda.

Imiphakathi Njengenengxenye Ekusunguleni Impumelelo Yokuvimbela
Uhambo oluphokophele ekusetshenzisweni ngokuphumelelayo kwe-PrEP e-Afrika lusekelwe emiphakathini ngokwayo. Amasu okuqwashisa nokuvusa intshisekelo kumelwe asebenzise ubuholi basendaweni, akhe izindawo eziphephile zokuxoxisana ngokukhululekile, ahlinzeke ngokwesekwa ozakwethu, futhi aqinisekise ukuba khona kwezinsizakalo eziyimfihlo, nezihlonipha abantu.

Ucwaningo lubonisa ukuthi lapho imiphakathi ibamba iqhaza njengenengxenye ekusunguleni izinhlelo zokuvimbela, esikhundleni sokwamukela nje kuphela, ukucwaswa kuyancipha, kuba khona ukwethembana kanye noshintsho lwe-PrEP kusuka ekungeneleleni kwabezokwelapha kuye ethuluzini elijwayelekile nelifinyelelekayo lempilo kanye nokunikwa amandla. Ngakho, ukugxila ekuqwashiseni nasekuvusweni kwentshisekelo okuholwa umphakathi kusemqoka ukuze kuqinisekiswe ukusimama nokulingana kwemizamo yokuvimbela i-HIV kulo lonke izwekazi.

Imicabango Yakho
Yiziphi izibonelo zokuqwashisa nokuvuswa kwentshisekelo okuholwa umphakathi ze-PrEP ozibonile esikhungweni sakho? Ungazisebenzisa kanjani izibonelo okuxoxwe ngazo kule ngxoxo ekusebenziseni i-PrEP emphakathini wangakini? Shiya amazwi okuphawula ukuze ube yingxenye yengxoxo!